
Ukukhuthaza umoya wokuncokola enganeni yakho
Loading player...
Siyisiza kanjani ingane ebukeka ingenawo umoya wokuncokola?Umndeni wethu uhlale njalo uthokozela ukubuye uphubuke wuhleko ,ngaphandle kwalondodana wethu omdala osemaklasini aphakathi eprimary.Izingane zethu ezincane zihlale zigcwele ukuntela ,okwenza kuhlale kuhlekwa ekhaya.Kodwa ngokuphambene,ubhuti wabo omdala soze walibona elakhe izinyo .Uhlale e -serious kakhulu yena.Ngangithi yisikhathi esizodlula,kodwa kuze kube yimanje kuthe gqwa gqwa ngimlamela ehleka.Ngikhathazekile ukuthi lokhu kuzombeka kuphi ekuxhumaneni nabanye abantu.Nangaphezu kwalokho ngithanda athokozele impilo.Ngakube ngi-right yini uma ngikhathazeka? Zikhona yini izinto esingazenza ukumsiza nokumkhuthaza abe nomoya wokuncokola ?