
Ukuxoxa ngokudideka kobulili nentsha
Loading player...
Ngingenza kanjani mina nomnyeni wami ukusondela kundodana nondodakazi bethu abasebasha njengokuba bebhekene nezimo zokudideka kobulili e -high school yabo? Ungeke ukukholwe ukuthi udaba olunje seluqhumbukile lwavela ekukhanyeni ngonyaka odlule .Omunye okulona ngomunye ongumngane omkhulu wendodakazi yami ,okuyimanje oziphathisa okomfana nofuna ukuphathwa kanjalo.Izingane zami zizama ukungayinaki yonke lendaba uma ubuka ukude,kodwa mina ngingakutshela ukuthi bobabili ibagwinyisa kanzima lendaba. Undodana wami yena ubukeka enokucasuka okukhulu okuzikile enhliziyweni. Ningasisiza siphume kulenkanankana?